Engabe ngoneni engaka lapha,

Ngikhala njalo ngibuza umdali ukuthi ngoneni Emhlabeni wakhe .

Yisifiso sami ukuthi ngikhulume njengawonke umuntu,

Yisifiso sami nami ukuthi ngingabi namalimi

Sengize ngaphenduka inhlekisa kulo mhlaba wakho NkuluNkulu kungani wangidala ngihlukile kunabanye?

kungaba Ngcono ke NkuluNkulu ukuthi mina ngize lapho ezulwini Wena uze lapha Emhlabeni.

Khona uzozwa lendlela owangidala ngayo ehlukile kunabanye.

Kubuhlungu ukuba namalimi

Kubuhlungu kakhulu

Ngoba ngiyaye ngisabe nokukhuluma nabanye abantu ,

Ngisaba phela ukuhlekwa ngenxa owangidala ngayo

Ngicela ube nozwelo kimina