Kunje nje namuhla, isandla somuntu.

Isandla somuntu ngiyasesaba.

Zungadideki muntu uthi ngiyakusaba.

Angikusabi, kuphela ngesaba isandla sakho.

Bathi izandla ziyagezana,

Mina ngigeza izandla ngesandla somuntu.

Ngaphandle kwamanzi ngiyazigeza izandla.

Ungibona nginje, isandla somuntu.

Ngasese bangiphehlel’amanz’amnyama ngezandla zabo.

Emini nampa bengixhawula ngezandla zabo.

Ngikhala ubusuku nemini ngezandla zabo.

Izandla zabo ngiyazesaba.

Ungazibona zizinhle izandla zabo,

Imisebenzi yazo ayimihle neze.

Nanamuhla ngisakhihla esikaNandi,

Isandla esangigqema engeqiwa ntwala.

Izandla zabo zathath’umphefumulo kababa.

Kubafowethu nodadewethu kuseyiso isandla.

Ngesandla somuntu ngiphenduke intandane,

Isona isandla somuntu esingenze intindili,

Namuhla sifuna mina uqobo, sengiyintondolo.

Ngezandla zabo basithakela imithi singaguli,

Imfudumalo yalesosandla ingeyemiphefumulo,

Esayichitha.

Usibona sijuluka nje, umjuluko wegazi esalichitha.

Isandla somuntu ngiyasesaba nemisebenzi yaso.

Ikati lilele eziko, isandla somuntu nencindezelo.

Umphakath’uyasokola isandla sinenkohlakalo.

Mhlobo wami hlolisisa kahle isandla sakho,

Isandla sakho masenze okulungile.

Abanye bayaphilisa ngezandla zabo,

Abanye babulala ngazo izandla zabo.

Abanye bayakhuthuza ngezandla zabo.

Abanye bayabhala ngezandla zabo.

Ngiyazesaba isandla somuntu.

Ngesami isandla ngiyowenza umehluko.

Ngesandla sami ngizovikela,

Ngesandla sami ngizophilisa,

Ngesandla sami ngiyokwenza okuhle.