Ngikhale kwanele
Akusaphumi zon’izinyembezi.
Nezwi lami seliyahoshozela
Kade ngimemeza bengangizwa.
Ngilamuleleni ngilamuleleni
Ngaze ngafa ngingone lutho!
Nezingalo zami azisaphakami
Ngiziphakamisile ngiqhweba
Kodwa akekh’ongibonile.
Lana ikwamhlaba
Umuntu ubheka umugqa wengub’yakhe.
Baze bakuphimise
Bathi ngingenaphi.
Bakhohliwe isondo liyajikeleza
Nam langikhona angizibekanga.
Okwakobani ukulala ngezinyembezi
Uphinde uvuke ngezinyembezi.
Nokudla akusehl’ephinjeni
Usugcwele izilonda.
Ababengithanda sengiyabanukela
Sengiphendukelwe nangowayethembis’ukungivikela.
Ngimbizile UNkulunkulu nedlozi
Kodwa kwanhlanga zimukanomoya.
Ukuzibulala ngeze kungisize
Ngoba vele sengifile ngihamba.
Bagubha injabulo
Mina ngigubha usizi.
Ukube ngangazi ukuthi uthando luyahlaba
Ngangobaleka ngazozombili.
Ngaluthwa igama “uthando “
Namhla sengiphenduke umzondo.
Sengikhale kwanele
Owangichitha ngesichitho angazi
Uthini uma engibona ngikulolu sizi.
Nkosi muphe unembeza angithethelele
Noma ngingazi ngamona ngani.