Ingoma Yosizi

kuyoze kube nini ngimemeza?

Kuyoze kube nini ngizabalaza?

Kuyoze kube nini ngikhala ngimemeza?

Ngiyamemeza kodwa akekho osabelayo

Ngimemeze ngalo lonke izwi kodwa lutho ovelayo

Kuyoze kube nini ngihlala ngokuqudula?

Usizi olubonakala ebusweni ngokuhlale ngiswacile

Ngizacile! ngizacile! ngizacile! usizi

Ngikhalela usizo olungntweza njengokhozi

Luzongitakula kulo mkhumbi wosizi ocwilayo

Angikwazi sizi wangifunani

Angikwazi sizi wabonani kimi

Ngicela ungiyeke buyela kini

Buyela kulowo owakuthumela kimi

Ngangimenzeni aze angiqalekise kangaka

Kusho ukuthi uyajabula mangiqathana nosizi

Usizi olungizacisayo nami ngikufisile ukaba mapakapaka

Phela wena wangiqala ngimngaka

Sizi lokhu wangihaqa ngisewusana

Ngoba kumama nakubaba yimi kuphela inkosana

Amathemba bawabeke Kimi okuthi ngilenye ilanga ngiyoguqula izinto kwazise bazele Indodana

Kanti ngiyindodana yosizi!

Bayosho kanjani ukuthi ukuzala ukuzelula?

Lapho izinto kulo mhlaba zingelula

Ngikhule ngaphansi kosizi

Ngisibekelwe ifu elimnyama losizi

Izibani ngizikhayisile ze zingikhanyisele

Ukube ngangazi ngabe angizalwanga

Ngabe ngabuyela emuva kwelaba ngakaveliyo

Akusekho ukuye muva angiyilwe noma ngingenaviyo

Ngiyibambe ishisa usizi luyavikisa

Lungivikisa lungivikisile umshiza ukhale ezimbanjweni

Usizi lungaphezulu kwami luyinqwele

Ngizigobhozile zosizi ngihewulile ngibhongile

Ngoba imivimbo yalo ibuhlungu

Lugadle zephukela noma sengicela umaluju

Abanosizo bamele le kude

Babukela bekude usizi lungibhuquzisa

Kunokuba bezongisiza bangenza inhlekisa

Amandla ngemuncwa wona ngathenwa

Ngiyinkuzi eyaphucwa amandla

Angikwazi ukulwa ezami izimpondo zanqanyulwa

Yingakho usizi luzinika amandla ngami

Lolu sizi lwaqala ngesithokazi esingizalayo

Waqalekiswa ngosizi lodwa

Lezi ziqalekiso aziveli ngaphandle

Kodwa kuso kanye lesi sibaya

Ngezinhliziyo ezinobuthakathi bawugaya

Bawuklwebha bawukhwifa bawuhlikihla

Wavala zonke izibusiso nezihlanhla zakhe

Bafunga bathi : ‘ akukho okwakhe okuyokuma’

Ngingama kanjani ke ngimelane nosizi?

Lolu sizi angizibangelanga lwabangelwa

Babenomoya wempi babelwa naye

Manje usizi lunami shaqa lulwa nami

Lempi yami nosizi umshawushile

Akukho la oluya khona lunami shaqa ngiqambe ngishilo

Lokhu ngisishilo lokhu ngisikhihlile isililo

Usizi lufuna ngilukhothamele luthi luyinkosi

Lufuna ngilukhulekele luthi liwunkulunkulu

Lufuna ngiluphakamele luthi luyisikhulu

Uphi umhlengi wami…,

Azongihlenga kulolu sizi?

Uphi umtakuli wami…,

Azongitakula kulolu sizi?

Uphi ummeli wami…,

Azongimela kulolu sizi?

Uphi umlamuleli wami…,

Azongilamulela kulolu sizi?

Uphi ujele wami…,

Azongivulela ngiphume kuleli jele losizi?

Ngifisa amaphiko okundiza okundizela kude le lakungena sizi khona

Ngifisa ijubane njengensephe lokubalekela lolu sizi ngilishiye

Usizi ngapha ikati lilele eziko nangapha

Nomshaya ndawonye nawo ngapha

Zontathu lezi zinqakisana ngami

Izindlela zokulixosha ngizizamile

Kodwa alifuni ukusuka lenqabile

Amathuba emsebenzi nawo ayenqaba

Angifuna isipiliyoni engingenaso

Amathuba emfundo nawo futhi ayenqaba

Bathi angibuye emva kwezinyanga

Makunjena kwenziwa njani?

Bathi akuvelwa kanye kanye kungemadlebe embongolo

Ontanga mabephumelela uba la umhobholo

Usizi lungilayile lungigile igoda

Umhombolo awumuhle ngiyazi

Nami angizenzi ngenziwa yilo usizi

Nami ngiyafisa ukuwelela ngale kwebhuloho

Ibhuloho lwempumelelo nentokozo

Nami kengikhombe ngaphakathi bo

Dala ngiphila usizi olubuse impilo yami njengomnikazi

Ngibhekile emazulwini kuMnikazi wakho konke

Ngedolo ngiguqile usizo ngilunxusile

Nginethema lokuthi Yena uyolizwa usizi lwami anginike usizo angesule izinyembezi zosizi aze alungise itafula phambi kwalolu sizi lwami

Le ingoma yami yosizi egcwele ukubalisa nezinsizi

Amazwi ayo avela ngokuqhatha lona usizi

Nginethemba lokuthi usizi luyosuswa Kimi

Nginethemba Kimi ngaphathi

Ithemba elizomelana nosizi unomphela!

ibhalwe ngu:

S’thembiso Sydney Msezane