Ngicela ubachazele ngami
 
Ngingowesifazane oyofa ezama
Ngingowokuqala ezinganeni zika ma,
Kwazise yena uyise wasuka eceleni kwami,
Kwakumele ngithi baba kuye,
Namhlanje ngithi baba kwi ndoda ezalwa no mama
Kwayona leyo ndoda engiyibiza ubaba ingenzela ezibukwayo,
Ukube akuyena lo ogqiba indlala ekhaya ngabe nakubomthetho isifikile le ndaba eshisayo,
Ukube kuya ngami ngabe ngiziphosa kwabamdayo,
Ngisho lo mama engimthandayo ungijikele ay mina akekho engimthembayo
Ngoba ngisho ngiguqa ngedolo ngimbiza engimthembayo,
Akushintshi lutho ngisaseyiyo ingane yakhe ekhalayo.
 
Kumalume ngangifana nengane ayizalayo,
Kumalume namhlanje ngiyingane ayifunayo,
Uzenzela umathanda, kuye ngiyinyama ayihlafunayo
Ithambo lakhe alicabayo
Uma kuhlwa sengiyazi ukuthi uzokwenza lento ayifunayo,
Ukuphuma kwelanga imilomo siyivala ngathi akukho okwenzekayo
 
Sengiphenduke umfazi kumalume engangishelanga,
Umalumekazi kukhona imfihlo ayifihlelwayo,
Ngiyabona useyasola ukuthi kunento eyenzekayo,
Ngithi ngimluma indlebe kodwa phinde ngiyakwesaba kufa,
Ngikhumbula njalo amazwi endoda ethi “ungalinge uyithi vuu”
Ngiyazi kuyoba ukulamba nokufa kwami
Akekho noyedwa ofisa impilo yami
 
Ngihlezi ngikhala izinyembezi,
Kwazona lezo nyembezi emehlweni akho ubona injabulo,
Ngoba okwenzekayo akuvelanga obala ngiyingane nje efela ubala,
Ngifela ngaphakathi phela kwamphakathi uthi ngizalwa umthakathi,
Ngingeke ngiphike vele nami ngikubonile lokho ukuhamba kwesikhathi
Ngangithi nginomama esaphila,
Ngangakubona konke lokho kodwa ke ngoba esengasekho ngiyamdinga okwenkonyane efuna ukunceliswa
 
Kwale sengithi ngiyithi vu kuthisha esikoleni,
Phela ke naye uke wabona intombi kumina,
Ubengincoma ethi ngiyazibona ngimuhle futhi sengikhulile
 
Inhliziyo yami iyabalisa,
Inqondo yami iphazamisekile ngoba ngisho esikoleni senginenkinga,
Kwakuyimi leya ngane ebidume ngokuphuma phambili,
Namhlanje kuseyimina lo ophuma phambili ekugcineni kwabo bonke
 
Igama elithi “usushintshile” ngilizwa nsuku zonke
Ngebhadi angizenzanga inkinga aniboni nonke
Inhlanzi iswele amanzi
Mabekhuluma ngobuntombi babo kimi kubuya isithombe sika malume,
Ngiyomkhohlwa ngifile ngoba kwasoka lami liye langishiya,
Sengize ngikhethe impilo yokudayisa ngegugu lami
Ngoba umalume wakhetha ukuthatha ubuntombi bami
Akasekho kimi useku sisi wami
Khumbula ke! loyo usisi omncane ongelamayo nami
Ungalinge uyifise impilo yami
Ngikhipha lodaba nje lento iyangibulala nami
Sengize angisanandaba umalume angimthembi mhlawumbe sekuwukufa kwami.