Ngicela iso lokubona ekusethekeni

Ngikwazi ukubona ekujuleni kwenhliziyo.

Ze ngipheze ukukhuluma

Ukukhuluma okuphula inhliziyo.

Abukho ubuhlungu obedlula ukuzwa

Kuthiwa uphoxe umuntu ungaqondile.

Noma ngizama ukuxolisa uma ngizwile

Kodwa akwanele uma ngingakulungisanga ngesikhathi kothintekile.

Bengingakujabulela ukuku lungisa

Ngesikhathi okwenzeke ngaso.

Bengiyoba umelaphi wenhliziyo

Kubuye nokuzethemba kubantu.

Okuphuma emlonyeni kuyambulala umuntu

Afe ehamba okwesihlahla sidliwe umuhlwa.

Ngicela iso ngibavuse

Nasebefile bebulewe ulimi.

Ngicela Iso