Waze wangenza
Wangikhipha izinyembezi. 
Ngangikuthembelani?
Ungiphule inhliziyo yaba macozucozu,
Bengiqala ukukhala ngizibhuqe ngawe. 
Ngangikwethemba, ngikuthanda 
Ngikuvikela nsuku zonke. 
Kanti waphenduka waba yini?
Kulungile hamba. 
Kodwa awuphinde umthole 
Oyokubekezelela,akunakekele njengami. 
Mngani, waze wangenza.