Mfundo uzongiyisaphi na?
Abanye bathi uma nginawe angiyindawo,
Abanye bathi uma nginawe ngizophumelela. 
Ngempela ngempela, ngiyawakha yini amaphupho ami uma nginawe?
Mfundo makhe uziphendulele.
Uma nginawe ngiyaphi?
Ngiyajabula uma umama engixoxela ngawe,
Amoyizele abheke phezulu. 
Awusho… wamenzani uma?
Kuyadabukisa uma bethi bafundile 
Kodwa abasebenzi. 
Abanye bayakubamba bekuyeka. 
Kahle hle mfundo…
Uma nginawe ngiyaphi?