Mama ngiyakuthanda,

Mama ngiyakudinga.

Ngidinga uthando lwakho,

Ngidinga ukunakekelwa nguwe,

Ngidinga wena.

Ngikudinga ngenhliziyo yami yonke,

Ngikudinga ngamandla ami onke,

Ngikudinga ngenqondo yami,

Ngikudinga ngakho konke okwami,

Ngidinga wena.

Angiyilutho ngaphandle kwakho,

Angiyilutho ngaphandle kweziyalo zakho,

Angiyilutho ngaphandle kokukhuselwa nguwe,

Angiyilutho uma ungekho eduze kwami,

Ngidinga wena.