Mama wami

Ubuyiqhawe kweyami impilo nalapho

Ngilahleka khona ubungukhanya kobambi

Ubumnyama ngyacela nalapho ukhona

Uze ungiphe amandla ngikhulise ubhuti

Omncane owangishiya naye.

Basphendukele abomndeni baskhipha

Inyumbazane ngoba wena usungasekho

Lapho scela kuvele kuthiwe washona owenu

Umama wanishiya ningena lutho.

Uze uskhumbule lapho ukhona empilweni zethu

Uyohlezi ukhona noma izimo zinzima kumi

Lapho ngiphelelwa ithemba akekho ongiduduzayo

Ngikhale kubani na? Ngoba asinamama

Ngikhethe ukuya emshadweni ngoba

Ngithi konke kuzolunga kanti angazi

Ukuthi lo engithi uyangithanda akangithandi

Namhlanje ngikhala ubusuku nemini kumnyama kumi

Kwesinye iskhathi ngyaye ngifise nokuzikhunga keph ngicabange

Lomphefumulo owangishiya nawo

Impilo imile akukho okuhlanganayo

Uze ungikhumbule nalapho ukhona

By Philile Tshezi