Ngiyintandane nje angithandi

Kulobuhlungu engibhekene nabo

Nosizi olungikhungethe ,angazi

Kungani umdali akhetha ngiphile

Kulobunzima engisele nabo emva-

Kokushiwa abazali bami

Sengaphenduka inhlekisa empakathini,

Komakhelwane, ngijikilwe nawu mndeni

Awobeka amazwi wanginika ithemba

Lokuthi noma abazali bami bengekh akusho

Kuthi sekuphelile ngami ngikhumbula amazwi

Ayeshiwo abo mndeni bethi sohlezi sinawe

Kanti bangixoxela inganekwane kanjalo noma khelwane

Ngiye ngibuze kuthi kungani umdali engathathi indlela elula kweyami impilo

Ngehla ngenyuka emugwaqeni akekho noyedwa ongizwelayo

Mangibachazela ngempilo yami bangithathisa okwephara

Kungani ngingaveli ngiye kwagoqunyawo nami ngilandele abazali bami

Ngihlale ngithandaza njalo kungani owami umthandazo ungaphendulwa

Kungani abazali bami bengangizweli kulolosizi nempilo enzima engibhekene nayo

Kanti mina ngangifumbethe usizi nenhlupheko yini

Kungani engekho ozwelana nami kulempilo engikuyo

Ye ngyazi ngafelwa bazali kungani bengabi lidlozi elihle kimi bengiphe amandla ngikwazi ukwakha-

Ikusasa lami kumanje ngihlala emugwaqeni ngikhangeza kwabandlula

Kumanje liyoshona ilanga angidlile angazi ngizolala phi

Kanti mina ngiqalekisiwe na ngenhlupheko ilona kusasa lami na leli engazalwa ngilifumbethe

Kusobala kuthi uwami unkulunkulu ungifulathele kanjalo nabazali bami bangifulathele

Kushukuthi eyami impilo imile la,kusobala kuthi nabazali bami abangithandi kungani bengwalwi nalempilo yami enzima

Ya yona impilo inzima