Ngahlela ngasithatha isiqumo kwangifanela

Nengabaxoxela nabo bangishayela izandla

“Uzobawenza into e right mngani.

Okwakobani ukukhalelwa yingane ubusuku bonke ungalali?

Ubuzoyishiya nobaninje oh umasiyodla ubusha bethu?”

Ngazibona ngiphakathi komhlane nembeleko

Singinkankile iskim sam, sonke sivumelana ngazwilinye “akukabi umuntu “.

Okwakungisalele kwaku udaba lesemtholampilo,ngiyobhekana nabahlengikazi

Ngibazekele indaba bengayibuzanga ngenkinga eseyingehlele ekubeni ngisafund’skole.

Izinyanga zazisephansi, nabo abahlengikazi bavumelana nam

“Ngeze kube nama complications ngoba inyanga iseyodwa”

Sengiqalile ukuthuka izanya nokulala obenyoni

Ihlule selingimise ngomlenze owodwa.

Lingibuza umbuzo ongaphenduleki, “Mama ngangikwenzeni ungincintsha ithuba lokuphila?”

Okwam okwezandla ngalungisa iphutha ngephutha

Nguzowuphendula ngithini lombuzo engiwubuzwa umntanam?

Phuthalini elalingenziwa umbungu onenyanga eyodwa?

Baqinisile abathi ukungazi kuyafana nokungaboni, ngangizitshela ukuthi engangikwenza kuzongilandela.

Okuka Nkulunkulu kwaziwa uyena, ngangazitsheli ukuthi ihlule elinenyanga eyodwa lingakwazi ukukhuluma.