Lungilengene ucu.

Impi yababili iqalile.

Sisidwebe saphelela isthombe sensimi yase eden.

U-Adamu no eva uthando lwasemadalajudeni.

Induku yami engiyigawule endaweni.

Abanye bezigawula emazweni.

Nakuba ubuhle bendoda bebukhomba esbayeni.

Bheka obami busenhlizweni.

Nakuba seyimanxebanxeba isazinikela ohambeni.

Esazinikela kubo ekuqaleni basala endleleni.

Kukoluhambo sabuya nezibazi.

Asililahlanga ithawula sasula ngalo izithukuthuku saqhubeka nohambo.

Angilahlekelwanga ngibathatha njengesifundo empilweni.

Kakade sifunda emaphutheni.

Buka namuhla ngizuzeni.

Ingelosi ephila emhlabeni.

Wathi umdali asilinde kuyeza okuhle.

Usidwebe saphelela isithombe sobucwi obuhle.

Nami ngikubonile okuhle nomusa kungilandela.

Uma ngimubamba ngesandla umhlaba uyavuleka.

Ugwinye zonke izinkinga zethu.

Umakoti ongowethu.

Ihubo engilifisela odadewethu.

Uxole ngokufika nayo seyimanxebanxeba.

Kade kwasa beyidlala.

Isphambano ngyafunga ngzokuthanda sengathi ngyaqala.

Kukho konke ngizobeka wena kuqala.

Unekhaya lapha kimi ungahlala.

Izandla zedlula ikhanda.

Kubo bonke abangifundisa ukuthanda.

Ayidle izishiyele nakulezi zinhliziyo ezasala zikhala.

Yinde indlela yokuthungatha umaqondana iyahlaba.

Abanye safungelana izulu nomhlaba.

Basigabisela ngezithende.

Abavalelisanga noma sebehamba.

Uyibona imanxebanxeb akusilo ihaba.

Kade kwase befika behamba.

Nobani nobani usuka nesicubu uma esehamba.

Ayinakuphola engekho ozoyipholisa.

Ayabhibha amanxema uma ithole ozoyikhohlisa.

Kunjaloke iyashesha ukulibala iyadlulisa.

Izofika nothando olusha ayisoze yakuqhathanisa.

Nakuba seyinje intokomalo isayifisa.