Kulomhlaba ngafika ngingenalutho,

Ngafika ngihlubule, ngifumbethe ubala,

Ngingakhulumi, ngingakwazi ngisho nokubala,

Engikuphethe namuhl’angifikanga nakho,

Kulomnhala ngafika ngingaphethe lutho,

Kulomhlaba ngafika ngingento yalutho,

Kulomhlaba angifikanga nalutho,

Engakufica kulomhlaba ngiyokushiya kuwo,

Lomhlaba mina ngizowushiya nezinto zawo,

Mina kangifikanga namuntu kulomhlaba,

Nengibalethe kulomhlab’a angifikanga nabo,

Okwakulelizwe kungokomzuzwana nje,

Ngomzuzwana mina ngizolishiya lelizwe,

Konke kungamagugu omzuzwana nje,

Ubuhle nobubi bomhlaba buzosala kuwo,

Okwalomhla konke kuyize leze,

Ububi bomhlaba buzosala kulomhlaba,

Ubuhle bomhlaba buzosala kulomhlaba,

Mina kulomhlaba ngafika ngedwa,

Kulomhlaba mina ngizohamba ngedwa,

Inzuzo yomhlaba iyosala kulomhlaba,

Kulomhlaba konke kuyafika kuyedlula,

Ngomzuzwana nje konke kuzodlula,

Ngoba okomhlaba kuyafika kuyadlula.