Mama nawe baba nangishiyelani na
Ubusuku nemini ngilila esikanandi islilo
Ngiya ngapha nangapha kepha akulungi lutho
Nabo laba engibathembile akekho ongisizayo
Silala sivuke ngawo amagama ayiziswani
Ngoba phela intandane ayinabani
Bazali bami nithule ngithini ngihlupheka na
Ayikho into enhle ekuthiwa yenziwa intandane
Intandane ithathwa njengo muntu
Oluhlupha nongakwazi ukuziphatha
Basishiya sibancane abazali lapho
Asinaye umkhulumeli kuthiwa mawintandane
Akufanele ube nekusasa eliqhakazile kunabanye
Namhlanje kunezintandane ezisemshadweni
Lapho zihlukunyezwa ngoba zingenaye umkhulumeli
Namhlanje kunezintandane eziphenduke izigebengu
Ngoba zihlukunyezwa emakhaya lapho
Zashiywa khona abazali bazo
Ukuba kufa uyazikhethela kwakumele
Uthathe Mina kuqala ushiye abazali
Ngabe lobuhlungu engibuzwayo abukho
Umcamelo usuwaphenduka inkongozela yenyembezi
Sithi sinemindeni abantu abangenandaba
Nenjabulo yethu nokuthi lapho sikhona silala sidleni
Sithi sinemindeni abantu abangafuni ukusibona siphumelela
Ubuhlungu bokuba intandane akekho obaziyo
And ukuba intandane angikufiseli muntu
Sithwala kanzima kepha inkosi ilokhu isigcinile
Ungasibona sihleka sibahle ingoba
Iyona ndlela esikhule siziphatha ngayo
Ukuba ubunzima bakho ungabuvezeli omnye umntu
Ungathi nguwe wedwa onosizi kanti cha
Ngyafisa mawuthola ithuba uthandana
Nalo muntu abamubiza intandane uze ukhumbule ukuthi
Buningi ubuhlungu asedlule kubo ngakho
Udinga uthando nenhlinipho ungabe
Nawe usuyamhlukumeza ngoba engena
Mkhulumeli umuntu naye uyadinga ukuphathwa kahle
Noma wintandane vuka uzithathe ulungise
Ikusasa lakho ungabheki abantu ngoba
Eskhathini sanamuhla akekho umondli wentandane
Zama konke okungenza impilo yakho ibengcono
Vuka uzithintithe dadewethu nawe mfowethu
Ukubheka usizo kumuntu angeke kukusize
Kunalokho kyakubambezela empilweni
Ungathembi nanoyedwa umntu noma
Ngabe ukuthembisa izulu nomhlaba abantu bayajika uma esetholile akufunayo
Hloniphani labantu enithi indabane
Intandane enhle ngumakhothwa ngunina
By: Gogo Diliza