Mama nawe baba nangishiyelani na

Ubusuku nemini ngilila esikanandi islilo

Ngiya ngapha nangapha kepha akulungi lutho

Nabo laba engibathembile akekho ongisizayo

Silala sivuke ngawo amagama ayiziswani

Ngoba phela intandane ayinabani

Bazali bami nithule ngithini ngihlupheka na

Ayikho into enhle ekuthiwa yenziwa intandane

Intandane ithathwa njengo muntu

Oluhlupha nongakwazi ukuziphatha

Basishiya sibancane abazali lapho

Asinaye umkhulumeli kuthiwa mawintandane

Akufanele ube nekusasa eliqhakazile kunabanye

Namhlanje kunezintandane ezisemshadweni

Lapho zihlukunyezwa ngoba zingenaye umkhulumeli

Namhlanje kunezintandane eziphenduke izigebengu

Ngoba zihlukunyezwa emakhaya lapho

Zashiywa khona abazali bazo

Ukuba kufa uyazikhethela kwakumele

Uthathe Mina kuqala ushiye abazali

Ngabe lobuhlungu engibuzwayo abukho

Umcamelo usuwaphenduka inkongozela yenyembezi

Sithi sinemindeni abantu abangenandaba

Nenjabulo yethu nokuthi lapho sikhona silala sidleni

Sithi sinemindeni abantu abangafuni ukusibona siphumelela

Ubuhlungu bokuba intandane akekho obaziyo

And ukuba intandane angikufiseli muntu

Sithwala kanzima kepha inkosi ilokhu isigcinile

Ungasibona sihleka sibahle ingoba

Iyona ndlela esikhule siziphatha ngayo

Ukuba ubunzima bakho ungabuvezeli omnye umntu

Ungathi nguwe wedwa onosizi kanti cha

Ngyafisa mawuthola ithuba uthandana

Nalo muntu abamubiza intandane uze ukhumbule ukuthi

Buningi ubuhlungu asedlule kubo ngakho

Udinga uthando nenhlinipho ungabe

Nawe usuyamhlukumeza ngoba engena

Mkhulumeli umuntu naye uyadinga ukuphathwa kahle

Noma wintandane vuka uzithathe ulungise

Ikusasa lakho ungabheki abantu ngoba

Eskhathini sanamuhla akekho umondli wentandane

Zama konke okungenza impilo yakho ibengcono

Vuka uzithintithe dadewethu nawe mfowethu

Ukubheka usizo kumuntu angeke kukusize

Kunalokho kyakubambezela empilweni

Ungathembi nanoyedwa umntu noma

Ngabe ukuthembisa izulu nomhlaba abantu bayajika uma esetholile akufunayo

Hloniphani labantu enithi indabane

Intandane enhle ngumakhothwa ngunina

By: Gogo Diliza