Noma ungayivala noma ungayivula,

Kulele kuwe mtanami.

Mtanam’izifiso zami zinhle ngawe.

Ngifisa ukuziqhenya ngawe mtanami.

Kepha kulele kuwe mtanami.

Ngane yami ngifisa okuhle kodwa ngawe,

Kulomhlaba zining’izindlela zokuphila.

Kukhona eziholela ekukhanyeni,

Kanti ezinye ziphetha ebumnyameni.

Ezinye zibukeka zibhek’empumelelweni

Isiphetho sazo usizi nokuzisola emaweni.

Ungakuthokozeli ukufana neningi,

Ze, ungafi nabaningi.

Uze ungakhohlwa ngane yami,

Okupheka namuhla, uyokudla kusasa,

Okudla namuhla kungakuxaki kusasa.

Yebo bewungekh’ebusheni bami.

Ebusheni bami kwakungenjena mtanami.

Udla ubusha bakho namuhla,

Isisu esihle sibonwa ilanga lakusasa,

Ubudle ububeke amathambo mtanami.

Uze ungenzeli abantu ngempilo yakho,

Okwenzayo uzenzela wena.

Ukuzala ukuzelul’amathambo,

Ngokuhle ngiyokubamba ithambo.

Ngicel’ungangibolisi amathumbu.

Oyokwenza esithe makube kuhle,

Inhliziyo nomoya wakho kube kuhle,

Uhloniphe ikhaya lakho,

Ubahloniphe abazali noma bengekho.

Uhloniphe umzimba wakho,

Yiwona oyofez’amaphupho akho.

Injabulo yakho isezandleni zakho,

Ungancikis’injabulo yakho kumuntu,

Umunt’ulala ephenduka,

Uyokuphendukel’esiswini okopelepele.

Uyokhala sengath’amehlo anopelepele.

Izidingo zempilo ngizokunika mtanami,

Ngezikhali zempilo ngizokuhlomisa.

Ngamaphutha sifundile,

Ngamaphutha ngizokufundisa.

Iziyalo zami zinhlosonhle kuwe,

Konke kulele kuwe mtanami.

Uze ungazibukeli phansi mtanami,

Abangaphansi babukela kuwe mtanami.

Nabantu ungababukeli phansi,

Ukhumbule, abaphansi bakubhekile.

Nom’unyathela phansi, uhloniph’umhlaba,

Abangawuhloniphi umhlaba uyabahlaba.

Konke kulele kuwe mtanami.