Kufa Uyisela Emhlabeni

Uthathile ungacelanga wafika ungabikanga

Uyigwala unjalo ufika ebusuku ngilele

Awungiqondi ngani usungaze ungizume ngingalindele

Kanti unjani nje ngempela?

Awukudli yini unembeza walobu bugebengu obenzayo

Kaze Wena uyojeziswa Ubani emhlabeni

Kufa Uyisela Emhlabeni

Uthathile ungacelanga wangiphuca okokgcina ebenginakho

Uyisoni emhlabeni ngyakuzonda kufa ndini

Isandla sakho sesithathe kakhulu sesize siyanuka

Uzihlukumezile izinhliziyo zabamsulwa

Washiya izintandane zincela izithupha

Washiya abafazi bembethe ezimnyama

Ubaphucile isinkwa emlonyeni ayi cha uyinuku kufa ndini

Uyinuku uyanukubeza unjalo unesandla esibi

Esithatha singacelanga

Kufa Uyisela Emhlabeni…