Kuke kwanzima angek ngiqambe amanga

Kuth lapho kuzama ukukhanya

Lehle elimyamane

Ngalahla themba ngalahla thando

Angeke ngikukhohlise kunzima

KUTH lapho uxoxa ngesimo sakho

Ilowo nalowo uzokutshela Okwakhe

 

Kuke kwanzima ngicabanga ukuthatha impilo

Kuke kwangifikela kepha kwaphela

Kuthe ngidelile ngidikibele

Kwase emini kwabalelela kwaqhakaza zihlahla

Kwaqhakaza zimbali

Lana kanye laduma lamthatha

Ngezwa isilili sigcwala ezindlebeni zami

Ngath ngoneni Kuba ngoba nginjani Mina

 

Lapho akuna mpendulo nacazelo ngayithola

Kuke kwanzima wena awazi ngifisa ukudla

Elikampondo kepha imali ayibonwa

Ngiyakhala ngoba angazi ikusasa

Lingiphatheleni kube ngiyazi ngabe ngithule

Kuke kwanzima ngiyakutshel wena

 

Kuphela okusozwaneni ubone umhlaba uba

Mncane…baba vuka lapho ubaba akavuki

kunzim ngingedwana

Ngiyinkosazana ngiyithunjana

Impilo intsha Kimi ngikhala ezikanowa

Baba lala uphumule wazi kunzima ngiyazama

Ithemba ngisalibambe ngesandla sokunxele

Amazwi akho ankenketha emandlebeni ami

 

Kuke kwanzima nakimi ngiyethemba

Injabulo yami isenza namanje

Kulindwa ngisho kungathembisi

Anginahloni futh anginanazi ngethemba

Kusengenzeka okuhle nakimi

Inhlupheko yami ingabi ihawu

Lempumelelo yakho..

 

Kuke kwanzima nakimi