Umthandeleni kangaka?
Umzondeleni kangaka?
Umfunani kangaka?
Kodwa nhliziyo
Buka manje
Buka manje unjani!
Ubekuthanda, wamthanda
Ubekujabulela, wamjabulela
Buka manje
Buka manje unjani?
Umthembeleni kangaka?
Umnikeleni uthando olungaka?
Ulithathe walilahla!
Walilahlisa okwamafinyila!
Ngingayivula kanjani manje?
Inhliziyo yami ngiyivulela abanye
Abanye abazophinda,
Abanye abazophinda beyilahle
Nhliziyo yam,
Vula amehlo
Vula amehlo uqaphele
Miningi imikhuba
Imikhuba ezokulimaza