Ikati lal’lel’eziko,
Wathola okuya ngasethunjini.
Umphimbo woma,
Wanikwa umthombo wamanzi.
Ungakhohlwa ukukhumbula!
Inqwaba isikhihlile isililo ngawe,
NoNina umncishe indlebe,
Wanqaba izibusiso zakhe,
Namuhla ukhuluma nomvelinqangi
Ukuba akuvulele indlela owazivalela yona ngokwakho.
Khumbula ukhumbulisise!
Eboshiwe amanqin’eyathi,
Izinyembezi zenjabulo zizoba khona
Kodwa ungakhohlwa abakukhumbulile.
Khumbula ukungakhohlwa.
Ezinye izinkinga esikuzo namuhla
Zidalwa ukungakhumbuli,
Zikhiphe nawe kulolu bishi,
Ukhumbule ukukhumbula!