Yeka ngalezozinsuku laph’uthando lwethu
lwaluvutha amalangabi
yeka ngalezozikhathi uthando lwethu
lusemsulwa ungibiza nangengilosi yakho
owayilethelwa uMvelingqangi
kazi kwashintshaphi yise wabantwana bami?
Namhlanje konke lokho sekwashabalala
okwamazolo ekhothwe ilanga
yonke leyonjabulo nentokomalo sekwaba umlando
abantwana bami bahlezi bekhihla esikaNandi
bengibuza engapheli imibuzo ukuthi wadliwa
Ezakuphi izintaba
Kazi konakalaphi baba weyingane zami?
Ngadel’ikhaya Lami ngashiya abazali bami
Ngaqoma ukuzoba indlu yakho yokugugela
Kepha konke lokho kwakuyize leze bheka namhlanje amathunzi aseyawukela ukufa sekusemvakwami kodwa Wena awukho
Wakhetha ukudliwa izintaba zaseGoli
Kazi konakalaphi myeni wami?