Khala zome ngane yami,

Ukhalele lezonsuk’esezadlula.

Ukhalele lez’ezingasobuya.

Kusadliwa ngoludala,

Izandla bezigezana.

Namuhla balisho ligcwal’umlomo,

Akukho nkwali yaphandel’enye.

Ixoxo nexoxo liyazigxumela,

Basuke besemsamo,

Bakhohlwe indab’enkulu,

Izandla ziyagezana.

Bangokhamisa ngithele,

Uma kuza kubo.

Avulekil’amasango,

Phela basafun’usizo.

Izandla ziyagezana.

Bathi phosa ngenhla,

Uyomukel’ezansi,

Ezans’ababonwa, ukuzokwamukelisa.

Bathi kutshalwa ngakunye,

Isivuno iziduli zabasali.

Watshala kubolel’ensimini.

Izandla ziyagezana

Esab’ isililo bayafuna sizwiwe,

Ezab’izindlebe zivalekile,

Mhla kukhala abanye,

Bakhala lize lihoshozele.

Izandla zazigezana

Bazincengela ngesibusiso kwesiphayo.

Ezabo zifinyeziwe kwabantulayo.

Ngabathethelela mhla ngizwa

Elithi umsiz’uzithel’isisila.

Izandla zazigezana.

Izandla zazigezana

Kusho bona befun’usizo.

Wabasiz’uphenduk’isitha.

Basize ngob’ubasiza nje,

Ngisho ngoba mhla ubadinga,

Bayobe bengabonwa ngalukhalo,

Njengo Pilat’uyogez’izandla.

Yakhela ngamaqub’enye,

Ugad’ungafani nentamo yamanqe.

Yizimbungulu lezi ngane kamame.

Zidla kuwe ngoba ziphila ngawe.

Izandla zazigezana

Izandla zazigezana,

Umuntu esaphila nabantu,

Ubuntu busekumuntu.

Abantu besamkhathalel’umuntu.

Izandla bezigezana.