Namuhla nami sengimdala,

Sengiyayiqond’impicabadala.

Iphicaphic’abadala,

Kwaphel’ukuthi bona badala,

Kudala kwasa beyibona.

Indlel’ibuzwa kwabaphambili,

Nabaphambili basayicinga lendlela,

Ababezishay’usiyazi baseceleni kwendlela.

Izindlela zokuphila ziningi,

Nezindlela zokufa ziningi.

Lixhoshwa libhekile,

Sisho sizithethelela.

Maqede siqhubeke namaphutha.

Sidlala isiphicaphicwano,

Sempicabadala.

Themb’itshe ngane yami,

Umunt’uyokudukisa.

Bangihlinzel’ezibini ngibathemba,

Ngasala ngikhala ngekhwela,

Ngakhula ngaqonda,

Ngabhema ngakholwa impicabadala.

Zungaphiceki ngane yami,

Thin’abadala isiyasiphica.

Impicabadala lena,

Hloniph’impilo nomhlaba.

Kokwenzayo zungazikhohlwa.