Angisakwazi ukuzibamba
Kulamalanga ngifikelwa isthombe
Sowesilisa ongiphazamisa kukho
Konke engisuke ngikhlelile.
Njalo uma uke wafika
Engqondweni kuthi ngivele
Ngyeke konke engikwenzayo
Angisayiphathi eyezivivinyo zonyaka
Kuthi ngisephakathi nephepha kuvele yena
Zishabalale izimpendulo.
Ukumoyizela sekuyinto esengiyijwayele
Hayi ngoba ngyathanda kepha ngenziwa
Yilesi sthandwa esthandwa yimina.
Ukuchitha usuku olulodwa ngingambonanga
Kimina kufana nokuchitha izinsuku
ngingayibonanga intombi ezala mina.