Angisakwazi ukuzibamba

Kulamalanga ngifikelwa isthombe

Sowesilisa ongiphazamisa kukho

Konke engisuke ngikhlelile.

Njalo uma uke wafika

Engqondweni kuthi ngivele

Ngyeke konke engikwenzayo

Angisayiphathi eyezivivinyo zonyaka

Kuthi ngisephakathi nephepha kuvele yena

Zishabalale izimpendulo.

Ukumoyizela sekuyinto esengiyijwayele

Hayi ngoba ngyathanda kepha ngenziwa

Yilesi sthandwa esthandwa yimina.

Ukuchitha usuku olulodwa ngingambonanga

Kimina kufana nokuchitha izinsuku

ngingayibonanga intombi ezala mina.