Asibathande bengasithandi!
Ayi ngoba senzela bona, senzela wona lama phupho, kuthi angatjhabalali.
Asingabafiseli okubi, impumelelo isothandweni.
Ngothando, soze uhlale ungaphumeleli, ngoba, impumelelo isothandweni, futhi iyilo uthando.
Thanda labo felamona, ungayinokuthi bakufela umona.
Bathande, noma ubabona kuthi, abajabuli, ma uzama.
Asibizeni uthando, siphile ngalo uthando, sithande noma kungavumi.
Uthando luyo letha injabulo, ngoba ngalo uthando, kuyofezeka amaphupho.
Ubani owake wajabula, engenalo uthando?
Asifikeni, singene, sifafaze uthando.
Asingene, sibabonise kuthi thina asifani nabo, uthando sinalo.
Ngalo uthando sizophumelela, ngoba vele, impumelelo isothandweni.