Indoda kayikhali,
Ikhalela ngaphakathi.
Cha, nami kangikhali,
Ngizokhalela ngaphakathi.
Ibhadi lendoda emhlabeni,
Inamehlo nezinyembezi,
Ngikhalela lezonyembezi,
Izinyembezi zendoda.
Ngyasol’indab’inomsila ngaphambili.
Abaphambili bath’indoda mayingakhali.
Mangibheka phambili ngikhalel’indoda.
Ebekelwe ukumukela noma yini.
Ningakhohlwa namadod’angabantu.
Abantu bonke bayakhal’empilweni.
Umhlaba uhlaba ndoda, uhlabe mfazi.
Sonke sibekelwe ukukhala emhlabeni.
Kulobunzima bomhlaba amadoda azofa,
Azobulawa ukufela ngaphakathi.
Sibaphelezele abafowethu sebelele,
Belele umlalela waphakade.
Abakhalanga kepha sibakhalele.
Baningi abazothatha izimpilo zabo.
Baningi abazophanjanelwa ingqondo.
Baningi abazocwil’ezidakamizweni.
Baningi abazokhalel’amadod’angakhali.
Indoda engakhal’ifel’entanjeni.