Mhla ngifika kulomhlaba,

Ngangingazi ukuthi uyahlaba.

Unameva ngengenhlaba.

Ngakhihl’esikaNandi,

Kwaye kwalamul’umama ngebele.

Ngampongoloza ngesililo,

Bathokoza ababelethisi,

Kwathokoza nomama uqobo.

Inhlokomo yempilo yagcwal’indlu.

Ngakhala ngadela, okwesikhashana.

Ukube ngangiwaz’umhlaba,

Bengiyosikhihla mihla namalanga,

Bengiyokhala ngizidelise.

Wen’osenethuba khal’uzenelise.

Ngokuphazima kweso zajik’izinto.

Kwashintsh’ukudl’epuletini.

Uma ngikhala ngaqala ngashushuzelwa,

Ngaqala ngakhala, umam’useyakhathazeka.

Ukukhala kwami sekuyisidina,

Ukukhala kwami akusathokozisi,

Uma ngikhala kuthiwa ngikhalelani.

Akasekh’othakasel’ukukhala kwami.

Kuba mnyama kakhul’uma sekuzosa,

Yimi lowo ngizikhohlisa.

Kwavele kwamnyama kakhulu kunakuqala.

Ngaqala ngashaywa uma ngikhala.

Angithi kumele ngikhalel’int’engiyaziyo.

Ngisheshe ngakhala, bekusekuncane.

Ngaqala ngashaywa impilo,

Ngakhal’ubumayemaye,

Bangiduduza ngelith’indod’ayikhali,

Bath’ikhalela ngaphakathi.

Lwaqal’usizi ngaphakathi.

Zanginetha ziphindelel’izinduku zempilo,

Ngayidl’imihlathi, ngakhalela ngaphakathi.

Ukukhala kwami sekuyichilo.

Zungangiboni ngihleka, ngiyakhala ngaphakathi, ngimanxebanxeba ngaphakathi.

Ngaphakathi sengahlala nesiziba sosizi.

Ngaphakathi sekwaba nechweba lezinyembezi.

Kwaqala kungamacons’ezinyembezi.

Izinselelo zomhlaba zaleth’impophoma,

Impophom’ephenduk’uzamcolo wezinyembezi.

Namhla ngibhukud’esizibeni sezinyembezi.

Isiziba sosizi, esingaphili xoxo nanhlanzi.

Nokubhukud’angikwazi,

Nokuthi ngiyaminza,anikwazi.

Sengipaquze kwaphel’ukwazi.

Nabatakuli lelichweba, abalazi.

Nokuthi ngizofa nini, angazi.

Namhla ngifayo nobe ningazi.

Nkosi, ngikulelichweba lezinyembezi.