Noma kubuhlungu mntanam
Kodwa kumele ngilimele iqiniso.
Ushiye izintombi ziningi
Wayosukela umkamuntu
Ubuthi Kuyoba njani?
Bathi kuzala ukuzelula
Kodwa okwam kube ukubola amathumbu.
Ungingcwabe ngiphila mntanam ngesenzo sakho!
Ngiyowabukelwa ubani amanye amakhosikazi empeshenini,
yena umakhelwane ongene ngesibhobo emzini wakhe?
Izindaba azilali phansi zesaba amazolo,
Indaba yakho isinwenwise okomlilo wequbula.
Bengilala ngethembile, ngivuke ngethembile
Selaphenduka isihosha ngezwi engangithi ngiyolilizela ngalo mzukana ungilethela umakoti.
Namhlanje ngigeza wena futhi ngangithi ngiqedile ukukugeza mzukana uphuma ebunganeni!
Kunini ngathi khomba intombi siyilobole ngithole umuntu ozongisiza!
Yikhona kubheka owawukhuluma ngakho lokhu kokungena ngesibhobo esbayeni sikamakhelwane?
Kulungile mntanam ngingcwabe ngiphila
Ngiyoke ngibone uyongimba yini uma sengi file izinto zikuxaka.