Ngiqala ukukubona ngabona umfana ozithandayo umuntu ongahlalwa mpukane ngazibonela isithandwa sami . Iswidi lami lomkhuhlane.Ngacicima injabulo ngosuku uqala ukungikhulumisa . Kwaphela unyaka ungishela ngiyazi wawusuphelelwe amandla nethemba ukuthi ngiyoke ngikuqome yini. Ngisakuthanda phela abazali uma bengaka vumi mele uhloniphe isiqumo sabo noma leso squmo sibuye sikuzwise ubuhlungu . Njalo mangikubona ngivele ngiphathwe inhliziyo ngoba kuyafana angisoze ngathandana nawe . Sengize ngathi thola enye intombazane into enjani leyo kodwa Sthandwa Sami Mkhize, Gwabe, khabazela kamavovo kazihlandla sobuye sibonane sthandwa sami.

Imina othandekayo

N.K