Untitled

(Wakhanyisa impepho nekhandlela)

Uxolo mntaka Ma, ngyaxolisa ukuba wuhlupho,

Ngyafa yinkumbulo, sale usuvela nangephupho,

Ngokuhamba kwakho ngalahlekelwa yisipho

Ukuhlukaniswa kwethu kwafana noko munwe nezipho

Okubuhlungu ukuthi wena ngeke umile

Wokwazi kodwa ukuthi la owangishiya khona ngisamile

Ubaba wathi njalo mangikukhumbula ngiphahle,

Ngiyethemba iZulu likuphethe kahle, 

Uyohlezi ukhumbuleka, ngeke sikulahle, 

Yimina umfowenu