Ngangingumuntu ngadlala ukuhlupheka,

Angizenzanga, ngasengikhathele ukuhlupheka,

Nami angizenzi ngidinga ukuphila,

Okwembungulu ngiphila ngegazi lomuntu,

Umsebenzi wam’ukuphuca umuntu impilo,

Bantu benkosi nami ngixosha ikati eziko,

Abantu mina bangibiza ngombulali,

Umama nobaba abazalanga umbulali, Nasebusuk’ubuthongo mina angisabulali, Nanamuhl’abakwasidlova basafun’umbulali,

Ngabulala ubuntu, ngabulala unembeza kimi, Ngathath’isibhamu ngayobulala umuntu,

Ngangithunywe umuntu ukuthi ngiyomubulala,

Ngenxa yam’obuny’ubuthongo akabang’esabulala,

Sengikwenzile min’ubuthong’angizange ngisabulala,

Angithandi, nanamuhla mina ngisababulala,

Ikhanda lendoda isamba esingadalulwa,

Ngemvula yezinhlamv’ikhanda lendoda ngiyalivithiza,

Kuyothiwani lendoda kumele ilale idlile,

Kulelikhaya sebelala bengadlile ngenxa yami,

Lomama ngamephuca indoda yakhe,

Lezintandane ngazenzela mina madoda,

Ngangithengwe ngamadoda amakhulu,

Banginik’isithombe bath’angiyobulala isikhulu,

Banginika imoto kanye nesibhamu esikhulu,

Sengiqedile banginika izindodla zamakhulu,

Kwaphum’emaphepheni ngokubulawa kwesikhulu,

Umphakathi wakhala ngesihluku sombulali esikhulu,

Ngibhacil’emahlathini amnyama kwaSokhulu,

Ukuthi anazi,Kulukhuni kakhulu ukuba indoda,

Ngiphila ngokuchith’igazi lamanye amadoda,

Izandla zami zivuza igazi lamadoda,

Kwala indoda’ikhala icela uxolo ingenzanga lutho,

Ngizothini, ongithumile ufuna ikhanda lendoda,

Akunto yalutho ukushaya ikhanda lendoda,

Faka imali mina ngishaye ikhanda lendoda,

Kwengabonayo ngithi mayibencane zihlobo,

Kwakungenhloso yami ukunephuca izihlobo,

Mina ngase ngifile indlala ubusika nehlobo,

Ngisebenza bengingeke ngimubulale nhlobo,

Duduzekani zihlobo nabangani bakhe,

Mina ngangithengiwe ngabangani bakhe,

Abangitshelanga ukuthi babangani naye,

Mina ngiyafisa nomufi angixolele naye,

Nongalo vuka ubhale inkondlo yakho,

Ubatshele ukuthi uthunyiwe inkabi,

Ubatshele inkabi yayithunyiwe nayo,

Uz’ubatshele umkhuba usekhaya,

Umufi wahamba ngesandla sasekhaya,

Kunesandla semfene kuleliya khaya.

Imali yenkabi yaphuma kuleliya khaya,

Ngayemukela ngoba kwakulanjiwe ekhaya