GOGO WAMI

Ngiyabonga ukungikhulisa,

Ngiyabonga ukuba umama kimi,

Lapho ngingaboni bubi bokuphila ngaphandle kwamama,

Wena gogo wami wakusitheza okubi kwagqama impilo enhle,

Wena gogo wami wakufihla ubuntandane bami.

Ngaphila nginomama nobaba.

Ngiyabonga gogo.

Ngifisa sengabe uNkulunkulu usakugcinile,

Yebo nginesiqiniseko sokuthi laph’ukhona unoMdali,

Phela wena wafukamela amatshwele esikhukhukazi esafayo.

Phela wena wasifudumeza saphila kamnandi

Impilo nobunzima bayo iqale la sewungekho gogo,

Impilo nobunzima bayo iqale la sewukobandayo.

Kodwa ngiyaz’uMdali wakubheka wakuthanda usemaZulwini akubuzwa,

Phela wena ikati wawulixhosha maselishoshela ngaseziko.

Mina angeke ngikukhohlwe gogowami.

Mhla ngigqok’i jazi lokufunda gogo ngiyazi wawukhona.

Kodwa ngaba nesilonda lapho sengishutha izithombe ngamehlo enqondo laligqokwe nguwe elami ijazi,

Sashutha gogo sahleka wangixhawula.

Kodwa kwababuhlungu mhla ngithola izithombe mangibheka awukho kuzo gogo.

Kepha ngiyazi wawukhona wakikizela,washayingoma.

Kepha ngiyazi nguwe ophethe ilamb’elikhanyisa impilo yami.

Uze ungalicimi gogowami.

Ibhalwe Makhosazane Ndwandwe Shwala