IMANAMI SMAKADE

Noma kwenyukela ngipha mandla mdali,

Ngiqombole, ngikhuphukele esicongweni.

Noma izivunguvungu zendlela engiyihambayo zingazibekile phansi zingihlasela.

Mangingomi smakade kulendlela, ngiyacela mangingakhathali futhi mangingalambi.

Ngize kuwe anginalutho esandleni.

Ngiyacela ngiphe isibindi yima nami njalo.

Ngithe mangisibophe lesisi’fociya ukuze ngibenamandla ukuyikhuphuka lentaba.

IBHALWE UMAKHOSI SHWALA