Bengithi siyahambisana kanti ngizihambela nje ngedwa.

Ngifundisile njengabo bonke abazali kodwa ingane zam ziyangihlamuka. Kuzongisiza ukwamukela iqiniso noma lihlale libaba. Ibuhlungu inhliziyo yam ngokuphenduka iwashi lomthandazo.

Akekho ongasazi isikhathi sokuthandaza kodwa siyashaya abantu bazihlalele nje sengathi akonakele lutho. Banele bangibone baqale banyakaze balungise, okubuhlungi ukuthi uma ngithi ngiyozicashela endlini yam ngiyozithandazela khona, ngibona ngabo beqhamuka belandelana njengezimvu.

Uma ngizithandazela endlini yam ngisuke ngithi ngibalekela ukubaphazamisa ngoba ngibona sengathi ngiyabahlukumeza noma ngiyabaphazamisa, ngibenzisa into abangayithandi.

Angifisi ukusatshwa, ngifisa basabe UNkulunkulu ngoba mkhulu kunami.

Kunzima ukuba umzali esikhathini esiphila kuso ngoba ingane into iyenza uma kuthanda yona, akukhathaliseki ukuthi ibaluleke kangakanani.

Bese ngikhohliwe ukuthi indlela yokukholwa ifana nendlela kanokufa eketha umuntu abemunye eningini.