Usuphenduke umashaya bhuqe

Usuphenduke injwayelo kithi

Usudile nathi minyaka yonke

Sesiyazibuza makuphela unyaka

Siyabhekana ukuthi ubani osezosishiya

Wawuzwani umndeni wami kufa?

Sithi siyajabula wena ukuqede lokho

Sithi siyakikiza ufike wena nezinyembezi.

Kanti wena kufa awudeli yini?

Kanti wona umhlabathi awunoni yini?

Lezindunduma ezigcwele ngaphande kithi

Sithi sikha amanzi empopini nazi

Waqala ngodadewethu LIHLE

Wamuthatha umafungwase wakwethu

Wamuthatha engakazi kwalutho ngomhlaba

Wayithatha indoni yamanzi ka mama

Wangishiya ngidangele ngazi lutho

Ooooh mhlaba awunoni ngampela

Wangagcina lapho kufa ndini

Wamthatha ubaba wami

Sasala singanababa nomfowethu

Wamthatha wasishiya sidangele

Wamthatha sasala sincela izithupha

Singazi sodlani, sogqokani.

Wangachitha ngisho zinsuku ngaki

Wasithathela umfowethu omncane

Awuzange usilinde nokuba sigumule

Awuzange usilinde nokuba siphole

Engakazi namhlaba ukuthi unjani

Ngiyakuzonda kufa ngob awunazwelo

Sithe sisajabule wasizuma ngokushesha

Wasithathela umfowethu omdala

Usungaze umthathe kabuhlungu kanjena

Usengaze azwe ubuhlungu obungaka pho

Lezonhlungu owamzwisa zona ezani?

Kufa uyisiqalekiso emndenini wami.

Baqinisile mabethi kufa uyinuku

Wamthatha impela umkhulu wami

Walithatha ikhehla lami kanjalo

Yebo inyama yase isitubekile

Kodw why ungamenzanga wancono

Ooooh Cebisa wahamba ngampela

Ngikubonile ukuthi uyinuku ngampela

Wathatha ubaba wami omdala

Wamthatha ngokuzuma okungaka

Namanje akukholakali ngempela

Namanje siyazibuza ngaye ukuthi wamthath

Kufa awudeli ngampela yini kanti?

Kanti amadlozi awasakuvimbi ngani

Kanti bona abasaboni ukuthi sekwanele

Dlozi lakithi sivikele manje

Sesibuzwile ubuhlungu kwanela

Nkulunkulu sivikele esisele manje

Sivikele kulolubhubhane

Kufa uyinuku awudeli ukubhuqabhuqa

Owami umndeni awusahlali ngokuthula

Wena uhlezi uwufikisela ngomunyu