Usuphenduke umashaya bhuqe
Usuphenduke injwayelo kithi
Usudile nathi minyaka yonke
Sesiyazibuza makuphela unyaka
Siyabhekana ukuthi ubani osezosishiya
Wawuzwani umndeni wami kufa?
Sithi siyajabula wena ukuqede lokho
Sithi siyakikiza ufike wena nezinyembezi.
Kanti wena kufa awudeli yini?
Kanti wona umhlabathi awunoni yini?
Lezindunduma ezigcwele ngaphande kithi
Sithi sikha amanzi empopini nazi
Waqala ngodadewethu LIHLE
Wamuthatha umafungwase wakwethu
Wamuthatha engakazi kwalutho ngomhlaba
Wayithatha indoni yamanzi ka mama
Wangishiya ngidangele ngazi lutho
Ooooh mhlaba awunoni ngampela
Wangagcina lapho kufa ndini
Wamthatha ubaba wami
Sasala singanababa nomfowethu
Wamthatha wasishiya sidangele
Wamthatha sasala sincela izithupha
Singazi sodlani, sogqokani.
Wangachitha ngisho zinsuku ngaki
Wasithathela umfowethu omncane
Awuzange usilinde nokuba sigumule
Awuzange usilinde nokuba siphole
Engakazi namhlaba ukuthi unjani
Ngiyakuzonda kufa ngob awunazwelo
Sithe sisajabule wasizuma ngokushesha
Wasithathela umfowethu omdala
Usungaze umthathe kabuhlungu kanjena
Usengaze azwe ubuhlungu obungaka pho
Lezonhlungu owamzwisa zona ezani?
Kufa uyisiqalekiso emndenini wami.
Baqinisile mabethi kufa uyinuku
Wamthatha impela umkhulu wami
Walithatha ikhehla lami kanjalo
Yebo inyama yase isitubekile
Kodw why ungamenzanga wancono
Ooooh Cebisa wahamba ngampela
Ngikubonile ukuthi uyinuku ngampela
Wathatha ubaba wami omdala
Wamthatha ngokuzuma okungaka
Namanje akukholakali ngempela
Namanje siyazibuza ngaye ukuthi wamthath
Kufa awudeli ngampela yini kanti?
Kanti amadlozi awasakuvimbi ngani
Kanti bona abasaboni ukuthi sekwanele
Dlozi lakithi sivikele manje
Sesibuzwile ubuhlungu kwanela
Nkulunkulu sivikele esisele manje
Sivikele kulolubhubhane
Kufa uyinuku awudeli ukubhuqabhuqa
Owami umndeni awusahlali ngokuthula
Wena uhlezi uwufikisela ngomunyu