Ngabe ngiyakhala kodwa nam,
Angazbi ukuthi ngingaqalaphi?
Ngingaqalaphi ngoba vele angisakwazi ukukhala
Ngakhala kakhulu ngikhalela abangani,
Manje angsakwazi, sengakhathala
Zaphela zonke izinyembezi zam zenjabulo,
Zaphela zonke nezinyembezi zempilo yam
Ngaba nesbibithwane esingapheli
Angikwazi ukukhala min manje
Noma ngithi ngyahleka angikwazi
Noma ngithi ngyakhala akwenzeki
Mina umuzwa engasala nawo owokukhuluma ngosizi
Bathi u@Imbongikazieneqiniso
Bathi u@Bonatheepoet