Bagcine Nkosi!!!

Ngyazi lokho ngeke kwenzeke

Ngoba kufuna mina, kepha kungenzeka

Uma kuthande wena Smakade.

 

Bagcine Nkosi ngoba ngiphila nje

Sekufana nokuthi ngiphilela bona.

Kwazise phela angiyilutho ngaphandle kwabo.

 

Bagcine Nkosi phela mina

Sengiphenduke utho nje

Oluhlala lusovalweni uma bengekho eduze kwami.

Ngizisondeza kuwe ngingelutho

Ngicela ukuthi ungigcinele bona Nkosi

Bagcine Nkosi!!!