Angikwazi ukuphila ingekho inhliziyo!

Iyona inhliziyo ephethe imizwa yami, iphethe injabulo yami.

Kwesinye isikhathi iyakhala, ifuna engingenakho.

Kungani eyami inhliziyo inganeliseki, futhi kungani yona njalo ihlezi ifuna?

Ngizamile ukuyanelisa, ngathola konke ethi, ma ngikuthole.

Kodwa, ayikwazanga kuthi ingiphe injabulo, engapheli.

Awukahle nhliziyo, mina ngifuna ungiphe injabulo engapheli.

Ngiphe injabulo engapheli, ungiyeke ngenjabulo ephelayo.

Ngijabulise noma imali ingekho, ungijabulise noma ngigula.

Ngikhathele uku loko ungisa phans’ phezulu.

Awukahle nhliziyo, ma ngiphika nawe, ayikho into elungayo, ngoba yonke into uyiveza ibe ngathi yinhle, noma ingekho yinhle.