Ziningi izikhathi engisuke ngikudinga ngazo,

Kepha wena ungaphenduli imikhuleko yami,

Ngisakhula nganginamaphupho amahle

Ngempilo yami kepha manje usizi lungaphezu kwami,

Yebo nkosi encwadini yakho uyakusho

Ukuthi angeke isinike umthwalo ongaphezukwamandla ethu

Kodwa mina lolusizi ngilubona lungaphezu kwami,

Ngifundile ngawuphasa umatikuletsheni

Nganethemba lokhu sekuyalunga sekuzokhanya kodwa ngibona kufiphala,

Ngibona kumnyama kakhulu kunakuqala,

Lemfundo engangithi yiyo eyongiweza kulenhlupheko ayingisizi,

Sonke nkosi sazalwa sifumbethe kepha asazi yikuphi lokhu esasikufumbethe,

Nkosi thatha izibusiso zakho.

Nginamakhono ahlukene kepha kuwowonke

Alikho nelilodwa elingiweza empumelelweni kunalokho kwanda usizi,

Ngithandaza mihla namalanga ngicela ukukhanya empilweni yami,

Wena nkosi uthula sengathi awungizwa,

Sengihluphekile kwanele nginezibusizo zakho,

Sengicabange kahle ,

Nkosi zithathe zivele azingilekeleli ngalutho.