Abaningi baphonsa, lona uthando, abaningi baphonsa yona, inzondo!

Abaningi, bangithanda ngesizathu.

Abaningi, bangithanda ku ngenasizathu.

Uthando lukhona, kodwa bakhona abangafuni ngibe nothando.

Injabulo ikhona, kodwa abaningi abafuni, ngijabule.

Abaningi bangizonda ngaso, isizathu.

Abaningi bangizonda ngaphandle kwesizathu.

Kanti, ngempela siyini isizathu sokuphila?

Ngoba inhlupheko nayi, ihlasele ngamandla.

Dlozi lami, ngicela ulule isandla sakho, uphakamise nali iphupho lami.

Soze abantu bangithande bonke, kodwa ngiyabonga kuthi bakhona abangithandayo.

Bakhona, abangifisela impumelelo.

Noma bekhona abofelamona, impumelelo ngizoyibona.

Noma, abaningi benga vala, bavale kuthi, impumelelo ingafiki, izofika.

Idlozi lam’ lingipha amandla, impumelelo ngiyayikhanda.

Bazongibona ngiphumelela, besale bemangele, ngiphumelele noma bevalile, bethi soze ngiphumelele.

Noma abanye bengifisela ukuhlanya, idlozi lam’ liyavimba, soze ngihlanye.

Soze ngihlanye, ngizophumelela.

Ngiphumeleliswe idlozi lami, elilule isandla salo phezu kwempilo yami.

Futhi, abaningi bangithanda ngeciniso, bazoyisekela imizamo yami, soze bavume ngifele enhluphekweni.

Akenawo amandla umthakathi, ngoba uvelile nasephupheni, noma engaqhubeka angiloye, soze ngiloyeke.

Vele noma abaningi bangangizonda, bayohlezi bekhona, abaningi, abangithandayo.

Nami ngizoqhubeka ngiphile ngo thando, ngithande bonke, ngithande nabo labo abangenalo uthando.

Ngo thando, iyovulwa iminyango ye mpumelelo.

Ngiyohlezi ngithela lona uthando, abaningi basizakale ngalo lona uthando.

Vele ngo thando ngizokhohlwa kuthi, abaningi abangithandi.

Ngizohlezi ngithela uthando, ngithande ophilayo, ngithande nabo, abangasekho.

Ngoba uthando lubuya ebantwini, ngi zoba thanda bonke abantu, ngihloniphe wonke umphefumulo.

Soze ngiphike nabo, abaningi.

Soze ngifune kuthi bonke abantu baphile ngendlela engiphila ngayo, asikho iskhathi.

Lana emhlabeni ngifuna impumelelo, nge mpumelelo yami kuphakame wona amadlozi.

Ngoba nami ngizoba yilo idlozi, emadlozini ngamukeleke, ngibe idlozi elihle.

Kuphumelele abaningi, ngalo, lona, uthando lwa ma dlozi.

Sicela impumelelo, ayivele siyiphile, abavume, basiphe konke esikucelayo.

Sicela nisivikele thina esiphilayo, nisiphe uthando, ongenathando naye abenothando.

Abaningi bavele, sibezwe sebethi, sesithwele, sinenyoka.

Asithwele, thina siyasebenza, sisebenzela yona impilo encono.

Abasiphe uthando, sibaphumelelise, nabo bazizwe bengabantu ebantwini.

Impilo iyaphela, ayivele impumelelo sisaphila, sijabulise abantu siphila.

Abaningi, soze bajabule noma sesizama ukubenza kuthi bejabule.

Abaningi soze beyithande into yethu, futhi bayo loko be hlezi besifisela okubi.

Nathi soze sibanake, ngoba ukunaka bona impilo ayimile, sowafeza nini awethu, sibe simotjha iskhathi ngabo?

Ngabo abaningi, abaningi, abaningi.