Uma ngicabanga ngemuva lam ngiyaye ngizibone njengomuntu oziphilela ngo Nkulunkulu nedlozi. Sekukaningana ngibhekana nezimo engiye ngingazi ukuthi ngidlule kanjani kuzona.

Indaba yam yaqala nginonyaka ukuya eminyakeni emibili lapho ngasha khona esiphongwebi kwadwebeka isibazi esisekhona nanamuhla. Yaba buhlungu inhliziyo yam omunye umfundi engigcona ngaso esikole, ngasho ngathi uyakhuluma nje kuba engazi.

Kuthe ngonyaka ka 1996 uphakathi ngahlatshwa ukugula okwangishaya ngaphela emzimbeni, kwakhala kwemuka nam kwayothi cababa ku Ndasa ka 1997.

Kuthi ngo Zibandlela ka 2007 ngahlaselwa iqulu lezinsizwa sizikhiphile nesikole, langephuca izicathulo zam ze bass zizintsha sha ngiqala ukuzigqoka ngakho konke. Lapho kwalahleka nomakhalekhukhwini wam wakwa Motorola i v 360, ngabuya nesibazi sommese emhlane.

Ngonyaka ka 2013 ngasinda esibhamini siqaphe isimo endaweni esihlalakuyo, kwaqhamuka izinsizwa ezimbili nokwathi kusaxoxwa eyodwa yadonsa yona belu induku yamagwala, yayiqhumisa kwananela imihosha kodwa ngenhlanhla umuntu wasinda.

Ngonyaka ka 2021 ngithi zazi nhlanu ku Nhlangulana umuntu wasinda imoto iqhumise isondo kuhanjwa kuthelawayeka, ngingihamba ngejubane 120km/h. Ngancenga ifuna imbongolo ifuna ukuwuchitha umthwalo ilale ngecala, noma yagcina iqhashile icanopy kodwa abaphuma nayo abalimalanga.

Ngonyaka ofile ziyi 10 ku Mfumfu 2022 ngezithuba zasekuseni ngibheke emsebenzini, ngangilandela abafana ababile ababehamba sakugijima, ngathi uma ngidlula kwamanye amahlukana ndlela ngezwa kuthiwa sebefike babamba inkunz. Ngiqhubekile nendlela yam base bethushuka ngemuva kanca kwam, ngenhla ngaqondana nabo uma ngiphenduka ngasheshe ngababona, ngabatshela ngathi ngiyababo omunye wabo ezama ukumboza ubuso, babe sebeyathuka uma ngibatshela ukuthi kade ngobabonile base bethi angiqhube ngeze bangenzelutho.

Kwaba yisikhashana kwaqhamuka abanye ozakwethu ababebheke ngala engangiqhamuka ngakho, batshela ngale zinsizwa, akuphelanga sikhithi esingakanani bathumelela umyalezo othi sezidubule omunye umuntu obeziyela emsebenzini.

Indaba yam egcinile yenzeke zimbili ku Masingana 2023, sasingabashayeli siyisihlanu sigibele ngemuva, bebathathu ngomshayeli ngaphambili. Sisiqeda kuxoxa ngamawala kumshayeli, wagcina omunye kithi ethe asiyiyekeni indaba yomshayela uyayazi lendawo esasihamba kuyona. Sathatha ngalokhu kokuthi abashayeli abathembani, uthi omunye eshayela omunye abe ezibona ukuthi ubengashayela kangcono kunaye. Eqinisweni wayenawo amaphutha uma ejika amajiko.

Uxam wageja umgodi wathi uma ethi uyabuyela kwaba sekusemuva kwesikhathi, sayibona ibheke eweni, kwathi kusagcwele ukuthuka kubantu ngakhumbula igama eliyaye libizwe uma abantu besezinkingeni. Ngabiza uShembe UNyazi, yabe isiyabambeka imoto sakwazi ukuphuma singena myucu. Yithina asagcina silekelela eline iveni elaliyidonsa, sayiphusha yabuyela emzileni.

UNkulunkulu neDlozi bayasebenza emfihlakalweni.