Angisaqondi nqindi nasibhakela,

Inqindi isiyefana nesibhakela,

Ungabaphambanisa namagundwane,

Ushaye phansi laba bangamalulwane,

Badidekile baze badida nezilwane,

Ncamashi! Abanye sebefana nezilwane,

Mina ngiyabukhumbul’ubuhle bamzukwana,

Ababuqondi ubuhle bebala labo,

Kungakho nebala labo ngingasaliqondi,

Sibong’amaqupha namadolo ngokulwela ibala,

Ngamadolo ngiguqile ngikhalela ibala lethu,

Isizwe sakithi siyafa sifela ubala,

Amasiko abo bona bawalahlile,

Okwezizwe bona bakuthandile,

Induku enhle igawulwa ezizweni,

Ubunsundu babo nabo babulahlile,

Okwezingulube bona bayazikalabhile,

Ngamashoba emakhanda bayayikizela,

Nasenkabeni icici liyazilengela,

Ngezinkophe zikanodoli bayaphayizela,

Ngobuhle bakho bathi loy’uyazibhayizela,

Amashiya abo bona bawasusile,

Nalelishiya olibonayo lona lidwetshiwe,

Bangomapendane nobuso bupendiwe,

Nezinqondo zabo zona zithunjiwe,

Kudideka unwabu nabo badidekile,

Amabele bayawanciphis’abanye bayawakhulisa,

Izinzipho ungafunga ukhozi olumaphiko,

Zinde zilaphaya, amaxhumela,

Emakhaleni kubanika icici,

Nasolimini uhleka maqede kuvele icici,

Bahleka ngezindleko, amasiliva namagolide,

Imilomo ibomvu okwencwadi engcwele,

Isinqa sigcwele sifuthiwe singesehlabosi,

Bamatasa bona bayaziphendula,

Ngiyazibuza ngiyaziphendula, kungani?

Nengibabuzayo ukungiphendula bayehluleka,

Angibahluleli uMdali uzobahluhlela,

Ukuzithanda ngokwabo bona bayehluleka,

Ukuqhakambisa okwabo bona bayehluleka,

Ngehlulekil’ukuzibamba ngasik’elijikayo,

Ngikhuza ibhadi mina ngabant’abazijikayo.