Umuntu umuntu ngabantu,

Umuntu uphila ngobuntu kubantu.

Namuhla umunt’ukhala ngomuntu,

Akusibo abantu laba.

Sengisaba bona laba,

Angithi laba sebadayisa ngobuntu babo.

Ubulwane abanabo ngiyabesaba,

Nezilwane uqobo ziyabesaba,ziyabaleka.

Saba kodwa ungabalek’ubothi galo yephuka.

Akusibo abantu laba.

Izindlebe zabo zivalwe zinkanuko,

Kungakho bengenazwelo.

Amehlo abo abanonisa okubi,

Bese benzakalis’umuntu kabi.

Akusibo abantu laba.

Ubabona nje abananembeza,

Kungakho benukubeza.

Bangokhanda limtshel’okwabo,

Yingakho benz’okwabo.

Akusibo abantu laba.

Abazon’izilwane kepha ngiyabesaba.

Ubulwane babo bungefaniswe nalutho.

Bahlezi becabang’abazobenza kabi.

Wam’endleni yabo bazokulimaza kabi.

Abanendaba nomunye umuntu,

Akusibo abantu laba.

Njengokufa badla silaza,

Badla fukumuka.

Izolo kudlwengulwe usana.

Namuhla sebedlwengula nabafana.

Akusibo abantu laba,

Bayiziwengu laba.

Lafa elihle kakhulu!

Lifa kabi nathi sisalind’ukufela kulo.

Ngikhalela lengan’esifisa nokufa.

Nogogo oselind’ukufa nay’uyakhala.

Izinkanuko zabo ziyamangaza,

Ngilishaya kalikhali Zul’omnyama.

Umunt’omnyam’uhlukumez’omnyama.

Akusibo abantu laba.

Bengithi balwa nabantu kanti nginamanga.

Angithi badlwengula ngisho izingcanga.

Nkosi ngikhulekel’ubuntu kubantu.

Baba buyis’ubuntu kubantu.

Sicel’umuzwa wokuthula nothando.

Bulal’imizwa yobudlova nobundlavini.

Akusibo laba owabadala ngomfanekiso wakho,

Akusibo abantu bakho laba.

Izingane zethu zovikelwa ubani na?

Abazali bethu bavikelekile na?

Ogogo bethu abanakuzivikela,

Nezilwane uqobo azinakuvikeleka.

Bekumele sivumelane ngaphandle kwamandla.

Usebenzise amandla,zange sivumelane.

Mina angivumanga kwale ngisho ngikhala.

Yena akavumanga noma ngicel’uxolo ngingonile.

Uwonile umoya wami ngamandl’akho.

Bath’ingalo yomthetho yinde,

Umtheth’uhlal’emabhukwin’ezishayamthetho.

Abanye sihlala nabo, basazitika ngathi.

Sathi siyakhuluma kwathiwa singayithi vu!

Phela abanye babo bashaya imithetho.

Akusibo abantu laba.

Ubuntombi balengane bathathwa nguyise.

Lengane igula nje yathelelwa ngumalume.

Nalon’okhulelwe ogula ngenqondo uthi uyise.

Igqondo seyaphenduk’isigqila sosizi,

Angithi nami ngiyisigqila socansi lwenkani.

Akusibo abantu laba.

Lezingane zingezethu masizithande

Labantwana bangabethu masibavikele.

Labashana bangabethu masibanakekele,

Labosisi nobhuti ngabethu masibambisane,

Labazali ngabethu masibahloniphe.

Labogogo nezilwane zingezethu masibathande.

Mnukubezi ngikhulekel’igodi phezu kwakho,

Mdlwenguli ngikufisel’ukuf’okunesihluku.

Isihluku sakho singishiya ngibamb’ongezansi.

Ubuhlung’ongizwise bon’obempilo yonke.

Akusibo abantu laba.

Akusibo abantu laba.

Ungadidwa isakhiwo somuntu.

Ubuntu babo babudla mhla bedla benganikwanga,

Akusibo Ubuntu lobo,

Akusibo abantu laba.