Yini ilungelo mina angilazi

kwash’ ingane ncanyana ebey’ngakabonakali

Ngamehlo kodwa yayikhipha izwi.

Mina ngaphucwa ithuba lok’phila

Uma wami ,gazi lami wang’fulathela ngiphila.

Kwakuzoba ncono kube wangilinda

Kwashaya izinyanga eziyishiya ngalolunye bese eng’lahle noma ephisane ngam’.

Baningi abes’fazane abangoHannah emhlabeni kodwa owami wang’phuca

Ilungelo lok’phila, Angisayaphathi yokuba nekhaya , kanye neyok’funda imbala.

Omunye wethu , wakhala kwaze kwasa

Wathi nempilo kama ngiyibonile beyixega

Okwesalukazi kodwa bengizoy’simamisa

Uma ngimdala. Kunalokho wangihlutha

Ithuba lok’phila.

Kwavele enye intombazane encanyana: ngiyanizwa benifisa ngempela ukuba semhlabeni lo ohlabayo, kodwa mina indlela bengize ngayo ,ayilungile.

Phela mina owami umama wadlengulwa

Kwazalwa mina , kunokuthi angigcine

Wakhetha ukungi-flasha endlini encane okomchamo.

Omunye wayese khula khulile kunathi

Wavele wathi uncono wena uyazi imvelaphi yakho ukuthi uze njani la, ezweni lokufa

Mina ngijula ngomcabango imihla

ngemihla , kungani abazali bes’funa

Maqede bas’laqaze phansi

Okwengathi asiphili?

Ilungelo lok’phila lona belinaka nini? akhona amanye bebangasicisha wona kodwa bakhetha ukusihalelisa ngomhlaba nezinto zawo

Maqede lutho ukuwunambitha.

Khalani bafowethu nodadewethu !

Akekho muntu osizwayo la, ningamemeza

Uma nithanda mina owami ubaba wegazi nguye wangiletha la ,phela wayeshaya umama wami okwes’lwane. Ngenye mini umawami enomusa ethi uzomazisa ukuba ukhulelwe mina , washaya ezibiliboxo

Kwadekwa itafula ,umnumzane wangafike nges’khathi kwathi ebingelela wathi bekukhona bani lah? Ngezwi elihhoshoza okwe khozi , nami ngafisa ukuphindela la ngibuya khona ngoba uvalo lwaka mma belingisinda. Emva kwalokho washaywa umawami ,ethola kwasani ngisho wena gcindi ,sbhakela zonke ezithusayo. Yaphela kanjalo eyami ndaba ngingakabikho.

Ilungelo elami ,ngabe kufanele kube nje?

Wena lungelo is’lilo sami…