Yini ilungelo mina angilazi
kwash’ ingane ncanyana ebey’ngakabonakali
Ngamehlo kodwa yayikhipha izwi.
Mina ngaphucwa ithuba lok’phila
Uma wami ,gazi lami wang’fulathela ngiphila.
Kwakuzoba ncono kube wangilinda
Kwashaya izinyanga eziyishiya ngalolunye bese eng’lahle noma ephisane ngam’.
Baningi abes’fazane abangoHannah emhlabeni kodwa owami wang’phuca
Ilungelo lok’phila, Angisayaphathi yokuba nekhaya , kanye neyok’funda imbala.
Omunye wethu , wakhala kwaze kwasa
Wathi nempilo kama ngiyibonile beyixega
Okwesalukazi kodwa bengizoy’simamisa
Uma ngimdala. Kunalokho wangihlutha
Ithuba lok’phila.
Kwavele enye intombazane encanyana: ngiyanizwa benifisa ngempela ukuba semhlabeni lo ohlabayo, kodwa mina indlela bengize ngayo ,ayilungile.
Phela mina owami umama wadlengulwa
Kwazalwa mina , kunokuthi angigcine
Wakhetha ukungi-flasha endlini encane okomchamo.
Omunye wayese khula khulile kunathi
Wavele wathi uncono wena uyazi imvelaphi yakho ukuthi uze njani la, ezweni lokufa
Mina ngijula ngomcabango imihla
ngemihla , kungani abazali bes’funa
Maqede bas’laqaze phansi
Okwengathi asiphili?
Ilungelo lok’phila lona belinaka nini? akhona amanye bebangasicisha wona kodwa bakhetha ukusihalelisa ngomhlaba nezinto zawo
Maqede lutho ukuwunambitha.
Khalani bafowethu nodadewethu !
Akekho muntu osizwayo la, ningamemeza
Uma nithanda mina owami ubaba wegazi nguye wangiletha la ,phela wayeshaya umama wami okwes’lwane. Ngenye mini umawami enomusa ethi uzomazisa ukuba ukhulelwe mina , washaya ezibiliboxo
Kwadekwa itafula ,umnumzane wangafike nges’khathi kwathi ebingelela wathi bekukhona bani lah? Ngezwi elihhoshoza okwe khozi , nami ngafisa ukuphindela la ngibuya khona ngoba uvalo lwaka mma belingisinda. Emva kwalokho washaywa umawami ,ethola kwasani ngisho wena gcindi ,sbhakela zonke ezithusayo. Yaphela kanjalo eyami ndaba ngingakabikho.
Ilungelo elami ,ngabe kufanele kube nje?
Wena lungelo is’lilo sami…