AKUKHOLAKALI

Mntanami lendaba eyabadala,

Ngangithi ngizoyigcina kuze kubephakade,

Ngangithi ngiyongena nawo elibeni,

Ngangithi usuy’oyzekelwa abalandelayo,

Cha Mina ngahlanza ngedela bheka nasi!

Mntanami lwaluluhle uthando lwami noyihlo,

Mntanami bonke babephupha ngalo befisa ukungena Kulo,

Mntanami bazama ukuliphazamisa behluleka,

Mina noyihlo sasikholwa ngamaqiniso,

Amanga ayegega kude Nathi,

Mntanami konakala ngokuqhamuka kwakho,

Sasingakuhlelele Lutho,kakade singenalutho.

Kodwa konke sakubeka kuMdali.

Zabantathu inyanga mntanami kwashintsh’ukudla epuletini,

Waqala wakholwa Amanga, wazakhela izithomb’emfanekiso ngawe.

Waqala washay’amakhala ngawe,

Kimi kwaphel’anasozwaneni mntanami,

Unkulunkulu walenza icebo wafika emhlabeni mntanami,

Wafika sewunomzal’ oyedwa vo,

Ngazabalaza mntanami,

Uzungakhohlwa mntanami ukuthi impilo inemikhuba yayo.

Uzungakhohlwa mntanami ukuthi amang’ayeqhatha.

Khula khehl’alamama ngizokunakekela kuze kubephakade.

written by Makhosazane Ndwandwe Shwala