Masibakhe
Bondade Masibakhe
Singabaphuli izinhliziyo
Asibakhele ingomso
Nengomhla wokuphela
Asithi masibakha sibakhele
Abanye bethu abayofika emva kwethu
Bantakwethu Kunzima ngaphandle
Ngiyavuma kepha
Masibathande ngendlela
Hlezi ukuthula kuzoba khona
Masibatshengise uthando esilufunayo
Masibatshengise impatho esiyifunayo
Hlezi sizophila isikhathi eside
Kunzima yebo ngiyavuma
Asazi siphetho neziqalo asikaze sisazi neze
Lamhlanje asibathande ngendlela sibahloniphe
Bezibone bengabantu ayi izilwane
Lukhulu luyeza luyanyelela
Okuhle kodwa nenjabula yodwa kithi
Hlezi ogogo bethu bazolala ngenjabulo
Hlezi nathi sokhululeka ebusuku
Hlezi abantwana bethu sobathuma ngethemba
Abafethu laba bandinga thina
bandinga ithemba lokuphila
Onembeza babo balahleka
Mhlanzana oyedwa wondade ephethe ubulili
Obubili esandleni sakhe
Kungani kanti sizobacela izimali sijike singayi
Kungani kuzoba yibona okumele bekhiphe imali
Ngiyethemba langa limbe sobona intukuthelo
Yabo yavela ngathi nasekuqaleni
Angibakhulumeli kepha ihlafuna nhlangothi zonke
Besibabiza abaholi bethu, sibabiza amasotsha wethu
Konke lokho kwashabalala
Sebaphendula abaholi Begazi nenkohlakalo
Sebaphendula amasotsha andlengula ogogo bethu
Kanye nabantwa bethu… Uke uzibuze ukuthi konke
Lokhu okwenzakalayo Kungani na..
Ngiyakhuza Bondade masibaphathe ngendlela
Masibaphe isithunzi Sabo
Hlezi izinqondo zabo zobuya
Hlezi Impilo zobuyela emasisweni
Bangabethu sobalahlela bani
Akulahlwa bheleko ngakufelwa
Kusazoba Zima