(Kwasa ekuseni, bavuka oDladla beno Zulu kodwa lutho uMsindazwe. Bathi bayamvusa, wavele wabaziba ezwa indlela ubuthongo obumnandi ngayo. Base bethi uMakhosi unemvubu yokushaya amathwasa alala kuze kwedlule isikhathi, wavele wavuka, wenza ababekwenza.)

Zulu: Yazi njalo we Ngomane kuzomele ujwayele ukuvuka ngoba phela uzoba nenkinga ngoba phela no mah akathandi ukuba nethwasa elingezwa.

Dladla: Uqinisile uZulu, futhi sinenhlanhla njerh ukuthi abe khona la ngoba uhlezi esiza, nakimi kwakunzima ngekathi ngisafika kodwa ngaze ngajwayela ngoba uMageba wayehlezi engigqugquzela. Okwakho nje ukuthi ukhululeke uzitshele ukuthi uzoyenza lento.

Zulu: Yah uma uzethemba uzoyenza lento.

Msindazwe: Ngiyabonga futhi ngiyanizwa Mageba nawe Mgabadeli, ngiyethembisa ukuthi ngizozama ngawo wonke amandla ami ukuyenza lento.

(Basebenza baze baqeda uBiyela engakavuki. Wavuka uBiyela waya kogeza, waphuza itiye wase eya emakhosini.)

Biyela: Emakhosini!

Amathwasa: (Eguqa) Makhosi!

Biyela: Izinkukhu ziphekiwe?

Msindazwe: Yebo mah kodwa zisaseziko.

Biyela: Niyazi zingane zami uma ukhuthala edlozini nedlozi lakho liyakhuthala ebese nezinto zakho ziyashesha, uphinde usheshe uphume nase dlozini.

(Waphuma wahamba uBiyela, uZulu kanye noDladla, bahamba bamshiya yedwa uMsindazwe. Wasala wathi ukucambalala. Wangena uBiyela esalele uNgomane, wavele wathatha imvubu.)

Biyela: Mdletshe! (esho emshaya)

Msindazwe: Mah! Mah! Ngiyaxolisa.

Biyela: Skhulekile emakhosini ako Mdletshe Msindazwe: Anishaye sbone*2 Umakhosi ufihlile…

Biyela: Cha cha cha! Mdletshe angizange ngikufihle lutho.

(UMsindazwe wezwa izwi lithi udiniwe, ngoba ubulele Mdletshe.)

Msindazwe: Anshaye sbone*2 Umakhosi udiniwe*2 Udinwe wukuthi bengilele ngesikhathi esingafanele.

Biyela: Makhosi! Umahambe ayozithathela (ecula)

(Wasukuma wagida uMsindazwe exwaya naye ukuthi kwenzakalani ngoba phela akakwazi ukugida.)