(Kwaphela izinyanga ezintathu uMsindazwe wayesekwazi ukuhlolela abantu, ukubhula, ukuxhumana namadlozi akhe kanye nesithunywa sakhe, esekwazi nokwenza ezinye izinto zedlozi. uBiyela wahamba waya kokhuluma noMsindazwe.)

Biyela: Ngomane, umsebenzi wakho uyamangalisa ngan’yami futhi sengifonele nabazali bakho ngapbatshela ukuthi uqhuba kahle nokuthi idlozi lakho lithe sekumele udlulele ezingeni elilandelayo manje sebebongile ibovu.

Msindazwe: Nguyabonga gogo.

(Kwadlula izinsuku ezimbalwa uMsindazwe waya kogeza ibovu kubo ekhaya.)

Biyela: Eh ngoba senza lo mcimbi layikhaya kaMdletshe yingoba bekufuneka ukuba siwene lapha. Okunye wukuthi uNeli akaseyena uNeli kodwa usengu Mdletshe noma uthi mkhulu Hlengizwe noma gogo Manawondi okuyibo abanikazi bomsebenzi kodwa noma umbize ngogogo noma ngo Makhosi ayikho inkinga.

Makhuzwayo: Siyabonga kakhulu makhosi futhi singathanda ukuthi umtwana aphume edlozini masinyane noma ingayo inyanga kaZibandlela (December) uma kungenzeka, angithi Ngomane?

Sandile: Yebo kunjalo.

Biyela: Okunye wukuthi angeke anikhulumise ningakamkhungi nokuthi uma esephuma kumele abe noguqa sthandaze wakhe azolala kuwo aphnde asebenzele kuwo. Umtwana lo kuzomele ukuthi nimhloniphe, nihloniphe nezinto azishoyo futhi akadli ngesitsha esidla omunye umuntu kanjalo nenkomishi nespuni. Uuma esezodla kumele nimlethele ngesithebe noma i tray, niguqe uma nimlethela, lokho ke nizobe ningenzeli yena nizobe nenzela idlozi kanjalo noma esecasukile kusuke kungacasukile yena kusuke kungesiye kodwa idlozi lisuke selisebenza kuyena, yilo elisuke linicasukele.

Sandile: Syakuzwa Makhosi.

(Bahamba abazali baNeli bafika bamkhunga ngemali emhlophe neyamaphepha. Aqala agida amathwasa, kanye noMsindazwe, yasho ingoma, sasho isgubhu, lasho onyawo phansi. Kuthe kusenjalo uMthethwa wavele wabhonga, bamshisela impepho base bencenga idlozi ukuba likhulume. )

Msindazwe: Saibonani! uhhu sekufike mina-ke intombi yakaNdawondi uhhu, ngizobonga phela ngalomsebenzi omuhle eniwenzile uhhu, kona nizamile akufani uhhu.

Makhuzwayo: Syabonga ntombi endala.

Msindazwe: We Biyela.

Biyela: (Eguqa) Yebo Makhosi amakhulu.

Msindazwe: Syabonga ngane yami, ngokusilalela kanye nokusihlonipha uhhu. Sibonga indlela osikhulisa ngayo, uskhulisa kahle ngan’yami ngoba phela awukhulisi uNeli kepha ukhulisa thina.

Biyela: Ngiyezwa makhosi amakhulu futhi ngiyathokoza ukuzwa lawa mazwi ikakhulukazi ngoba avela kunina. Msindazwe: Sengiyahamba ke mina, niqhubeke njalo nisenzele nathi sizolokhu sikhanyise njalo.

(Wawa phansi uMsindazwe, wavuka emuva kwemizuzu emihlanu.)

Biyela: Ngizocela sidle inyama le, sigide okokugcina, sibonge mase siyahamba.

(Badla, bagida, baxoxa, bahleka kwaba mnandi base bayabonga.)

Bonke: Makhosi! Mndiki, Mndawo, Nkosenkulu, Bayede, uyiZulu, uyiNgonyama, Zulu eliphezulu, Makhosi amakhulu.

(Bavalelisa bahamba abangoma, basala bencokola abazali baMsindazwe.)