Namhlanje u Bhekizizwe no Bhekani abayile emsebenzini phela kuyiholidi labasebenzi .

Bhekizizwe:Bafo wamamatheka kwenzenjani ?

Bhekani:Hayi ngibuka izithombe zentombi Yami .

Bhekizizwe: Othi ngizobone.

Bhekani:Nazi (Emkhombisa)

Bhekizizwe:Hayibo Bafo unesiqiniseko ukuthi intombi yakho le, ngoba lo uSindiswa Wami lo.

Bhekani: Kanjani Bafo ngoba uSindisiwe lo intombi Yami. Bafo usuyabhema yini nawe .

Bhekizizwe:Uwena obhemayo ngoba ngiyakutshela ukuthi le intombi yami, noma ungidla izithende.

Bhekani: Bafo insambatheka yodwa le oyikhulumayo .

Bhekizizwe:Ye Bafo ungafuni sixatshaniswe ubala .

Bhekani: Bafo sizwana impela Kodwa mase uphethwe isizungu asingakuphatheli lakumina.

Kwabe sekungophansi nongaphezulu , kukhala isibhakela , kusho amanqindi . uMaNkosi uzwa umsindi uyagijima uzobona Kwenzakalani

MaNkosi:Baba! Baba!Wozobona .

Mnuz Mthembu: Yini kwenzenjani ?

MaNkosi: Akusiwona lamadodana akho ayizithuphethu.(Bangijime bayolamula)

MaNkosi:Kwakhala nyonini layindlini?

Mnuz Mthembu;Nina nobabili aningitshele kahle ukuthi kwenzakalani (Bachaze) Niyoze nibulalane ngento engekho nje , into ezosiza ukuthi nifonele lentombazane ephehle udweshu yaqala impi enganasidingo.(UBhekizizwe ayifonele . Kungekudala yabe isifikile).

Sindiswa: Sanibona !

Mnuz Mthembu:Yebo , awuchaze .

Sindiswa: Iqiniso la baba ukuthi mina ngithandana no Bhekizizwe , Hayi uBhekani.

Bhekani:Usuyangiphika?

Mnuz Mthembu:Thula wena , Chaza ntokazi.

Sindiswa: uBhekani angimazi , iqiniso elinye ukuthi nginewele uSindisiwe.(Angene uSindisiwe)

MaNkosi;Baba Umlingo , bayafana.