Namhlanje u Bhekizizwe no Bhekani abayile emsebenzini phela kuyiholidi labasebenzi .
Bhekizizwe:Bafo wamamatheka kwenzenjani ?
Bhekani:Hayi ngibuka izithombe zentombi Yami .
Bhekizizwe: Othi ngizobone.
Bhekani:Nazi (Emkhombisa)
Bhekizizwe:Hayibo Bafo unesiqiniseko ukuthi intombi yakho le, ngoba lo uSindiswa Wami lo.
Bhekani: Kanjani Bafo ngoba uSindisiwe lo intombi Yami. Bafo usuyabhema yini nawe .
Bhekizizwe:Uwena obhemayo ngoba ngiyakutshela ukuthi le intombi yami, noma ungidla izithende.
Bhekani: Bafo insambatheka yodwa le oyikhulumayo .
Bhekizizwe:Ye Bafo ungafuni sixatshaniswe ubala .
Bhekani: Bafo sizwana impela Kodwa mase uphethwe isizungu asingakuphatheli lakumina.
Kwabe sekungophansi nongaphezulu , kukhala isibhakela , kusho amanqindi . uMaNkosi uzwa umsindi uyagijima uzobona Kwenzakalani
MaNkosi:Baba! Baba!Wozobona .
Mnuz Mthembu: Yini kwenzenjani ?
MaNkosi: Akusiwona lamadodana akho ayizithuphethu.(Bangijime bayolamula)
MaNkosi:Kwakhala nyonini layindlini?
Mnuz Mthembu;Nina nobabili aningitshele kahle ukuthi kwenzakalani (Bachaze) Niyoze nibulalane ngento engekho nje , into ezosiza ukuthi nifonele lentombazane ephehle udweshu yaqala impi enganasidingo.(UBhekizizwe ayifonele . Kungekudala yabe isifikile).
Sindiswa: Sanibona !
Mnuz Mthembu:Yebo , awuchaze .
Sindiswa: Iqiniso la baba ukuthi mina ngithandana no Bhekizizwe , Hayi uBhekani.
Bhekani:Usuyangiphika?
Mnuz Mthembu:Thula wena , Chaza ntokazi.
Sindiswa: uBhekani angimazi , iqiniso elinye ukuthi nginewele uSindisiwe.(Angene uSindisiwe)
MaNkosi;Baba Umlingo , bayafana.