UBhekizizwe uphuma emsebenzini ufica uBhekani epheka.

Bhekizizwe:Bafo , usubuyile njalo.

Bhekani: Kade ngibuyile .

Bhekizizwe:Wapheka kwenzenjani?

Bhekani:Ngithe nje mangipheke , ngiphumuze intomb’endala.

Bhekizizwe: Pheka mfana Kodwa upheka okokugcina ngoba kungekudala sizophekelwa intokazi enhle,ewuphumalanga sikothe.

Bhekani: Uthini kumina Bafo?

Bhekizizwe: Namhlanje ngihlangane neny’intokazi.

Bhekani:Hayi kushuthi umkhulu uMvelase ubenathi nanamhlanje ngoba nami kune shandapha engihlangane nalo , impela mangase ulibone ungadliwa umona.

Bhekizizwe:Nami ngisayogeza ngoba kuzomele ngimfonele u MaMkhize .(Aqonde ekameleni afike ageze , bese afonele uSindiswa)

Bhekizizwe:Hawu Phumalanga sikothe , Ukahle kodwa?

Sindiswa: Bhekizizwe , Ngikutshele nje ukuthi ungangifoneli ungangitshelile , ubuzokwenzenjani ukube bekukhona umama.

Bhekizizwe: Umbuzo omuhle loyo ngoba bengizomtshela Ukuthi kungekudala izinkomo zakwa Mthembu zizingena emagcekeni akwa Mkhize .

Sindiswa: Usuqalile me , Bheki Ngicabanga ukuthi kuzomele ubuye ufone ngoba sengathi umama usefikile.

Bhekizizwe: Kulungile.(Avale ucingo, bese Aqonde egumbini lokudlela, ufica uBhekani uyaphaka)

MaNkosi:Hayi …ngiyoke ngizwe ukuthi yini le esizodliswa Yona la .

Bhekani: Khululeka Ma ngipheke i spaghetti and meatballs Ngathi ukufaka no cheese ngaphezulu.

MaNkosi :Engabe ngizosutha yini Nkulunkulu Wami , ukube uvele wafaka amadombolo nje , hawu umshubo lowo.

Mnuz Mthembu;Bhekizizwe awubusise ukudla ndodana.

Bhekizizwe:Nkosi busisa lokudla esizokudla njengamanje ubusise nezandla ezikwenzile amen .(Badle) Mhm, Bafo kwaze kwamnandi .

MaNkosi:Hayi kumnandi Kona kodwa akufiki kwitshunu ebengisipheke izolo.

Mnuz Mthembu:Siyabonga ndodana , besesikhathele amadombolo nosu.

MaNkosi:Oh! Baba usho kanjalo, kodwa kube kunguwe ohleli uthi amnandi ayimfimvilithi yakho .

Mnuz Mthembu:Yebo ayimfimvilithi Yami Kodwa phela luyadingeka ushintsho .